Isigqiki somkhovu isihlahla esitshalwa ngasendleleni engena egcekeni ukuze sibambe yonke imimoya emibi engena ekhaya, lesihlahla kuthiwa uma kuthunywe umkhovu, umkhovu uvele uhlale kusona lesihlahla ungangeni ekhaya? Umsebenzi wesigqiki somkhovu ukuvikela ikhaya emimoyeni emibi. Isigqiki somkhovu uyangena uma kwenziwa izinhlanga zemali. Uyangena futhi emithini yokukhipha isichitho, amabhadi, isinyama, namathunzi. Umuthi wokuthi imali ihlale esandleni ingaphumi, siyangena isigqiki somkhovu kulowomuthi uyagcaba ngawo okhakhayini. Isigqiki somkhovu siyathakwa futhi emuthini wokuthi abantu bakusabe bephethe isibhamu, noma ungadubuleki.
| Comments | |
| Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla? | |
| |
Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.